Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu,
Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu , bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no- Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa -Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;