Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi , nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.
Kunjalo nokuvuka kwabafileyo . Kuhlwanyelwa kunokubola , kuvuswa kungenakubola;
kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo ; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.
Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo , kuvuswa kungumzimba womoya . Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.