UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.
Athi kuJefta: Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta : UJehova makabe ngufakazi wethu ; impela siyakwenza njengezwi lakho.
Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta , wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi ; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni.
Amadoda akwa -Efrayimi abuthana , aya ngasenyakatho ; athi kuJefta : Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.