"kujowabe"
17 occurrences in ZUL
U-Abineri wathi kuJowabe : Ake zisuke izinsizwa , ziqakulizane phambi kwethu. UJowabe wathi: Mazisuke.
U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?
UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye : Klebhulani izingubo zenu , nibhince indwangu yamasaka , nilile phambi kuka -Abineri. Inkosi uDavide yalandela uhlaka.
UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi : Thuma kimi u -Uriya umHeti. UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
UDavide wayesethi kuso isithunywa : Uyakusho kanje kuJowabe , uthi: Le nto mayingabi mbi emehlweni akho , ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe; bese wumqunga isibindi.
U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini , kepha akavumanga ukuza kuye ; waphinda wathu mela ngokwesibili , kepha akavumanga ukuza.
U-Abisalomu wathi kuJowabe: Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi : Ngisukeleni eGeshuri na ? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekh ona lapho . Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.
Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu.
U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?
Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini , wathi: Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.
Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa -Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe , uphakamisele isandla sakhe ngasenkos ini, kuDavide; nginikeni yena kuphela , khona ngiyakusuka emzini . Wayesethi owesifazane kuJowabe : Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.
Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.
Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba , nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.
Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u - Adoniya noma engamlandelanga u -Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.