Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u -Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla i zinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo , makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona ; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi. Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani