UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe , nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.
UDavide wabaleka eNayoti eRama , weza, wathi phambi kukaJonathani : Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?