"kukasawule"
11 occurrences in ZUL
Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi , njengalokho ngit he ngimemile abantu . USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi ; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.
Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.
Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya. Ukungalaleli nokulahlwa kukaSawule
UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti , u-Abineri wam thatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.
Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi , isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema , u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.
Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane. UDavide useMahoni