Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu , lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.
U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. UJesu uphikwa nguPetru ngokwesibili nangokwesithathu
Base bekhipha uJesu kuKayafase , bemyisa endlini yokwa hlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.