Khona mawubize, mina ngiyakuphendula , noma kukhulume mina , wena ungiphendule.
Ake ungizwe, kukhulume mina; ngiyakukubuza, wena ungazise.
Izikhonzi zaphendula zathi : Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.
Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu , bathi: Asifumani lutho olubi kulo muntu ; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?
Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu , abanye bakuhlole.