Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami , izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo ; ukubola kungena emathanjeni ami , ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona , ngilindela usuku lokuhlu pheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.