"kukristu"
64 occurrences in ZUL
Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku -Abrahama ziye kuDavide , ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu (Luk. 1:26; 2:1)
Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu , sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngokuba ngingafisa ukuba m ina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;
Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.
Khonzani ko -Anidroniku n oJuniya abayizihlobo zami , ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami.
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte , kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele , kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:
Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu
Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.
Thina siyiziwula ngenxa kaKristu , kepha nina nihlakaniphile kuKristu ; thina sibuthakathaka , kepha nina ninamandla ; nina niyadunyiswa , kepha thina siyadunyazwa.
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu , nokho oyihlo kababaningi , ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho n genxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.
Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;
Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni . Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala , leyo ndwangu isahle zi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;
Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu , ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.
Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu , ukuze basenze izigqila,
Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono , ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Umthetho ongumlayi uyisa kuKristu
Akakho umJuda nomGreki , akakho oboshiweyo nokhululekileyo , akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki , kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
Makabongwe uNkulunkulu , uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,
kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;
kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi , nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;
OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:
ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. UPawulu uyabayala ukuba bahambe ngokwevangeli
Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu , uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,
Ngokuba singukusoka thina e sikhonza ngoMoya kaNkulunkulu , sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,
Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
kubo abaseKolose , abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu ; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose
okunguye esimshumayelayo , siluleka wonke umuntu , sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke , ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
Ngokuba noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu , njengezifundiso zokucathula kwezwe , kungenjengokukaKristu. KuKristu kukhona konke ukuphelela kukaNkulunkulu
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulun kulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,
owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcw ele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa , esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,
nokuthi kusukela ebuntwaneni w azi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.