Ngalokho, ndodana yami , lalela izwi lami : vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,
ULabani wathi kuye: Impela uyithambo lami nenyama yami. Wahlala kuye inyanga yonke. UJakobe uqala ukusebenza kuLabani
UJakobe wathi kuLabani : Nginike umkami , ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.
Kwathi ekuseni , bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani : Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?
Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa , uJakobe wathi kuLabani : Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.
UNkulunkulu wez a kuLabani umAramu ephusheni ebusuku , wathi kuye : Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.
UJakobe waphendula , wathi kuLabani : Ngokuba ngesaba ngithi : Funa ungiqhwage amadodakazi akho.
UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?
Waziyala ngokuthi : Niyakukhuluma kanje enkosini yami u -Esawu, nithi: Inceku yakho uJakobe ithi : Ngigogobele kuLabani , ngilibele kuze kube manje;