"kule"
104 occurrences in ZUL
Ayesethi amadoda kuLoti : Unobani futhi lapha na ? Umkhwenyana, namadodana akho , namadodakazi akho , nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,
Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe , wathi: Sukani niphume kule ndawo , ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi . Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
U-Abrahama wathi : Ngokuba bengithi : Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.
UJakobe wenza isithembiso , wathi: Uma uNkulunkulu eyakuba nami , angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo , angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,
le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
ayinkulu kunami kule ndlu ; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela , ngokuba ungumkayo ; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?
Wathi: Ngizakuba nawe ngempela ; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe , niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.
UMose wayesethi kubantu: Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.
Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani , nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.
Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi , na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane , noma eyemivini , noma eyamapomegranati, kungekho futhi amanzi okuphuza.
yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlan u, awabantu nawezilwane , wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.
Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.
Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igam a lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,
Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no -Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
uJehova angamthetheleli , kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.
UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa -Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela leli zwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi;
uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho , uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
Lapha besengasendlini kaMika , balazi izwi lensizwa engumLevi , baphambukela khona, bathi kuye : Walethwa ngubani lapha ? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?
Lapho uJakobe esefikile eGibithe , oyihlo bakhala kuJehova , uJehova wathuma oMose no -Aroni abakhipha oyihlo eGibithe , babahlalisa kule ndawo.
Ngubani oyakunilalela kule ndaba na ? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba n jalo isabelo salowo owasala nempahla ; bayakwabelwa ngokulingeneyo.
U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto . UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Lapho abantu bakho u -Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe , balivume igama lakho , bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,
U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi , wathi ku - Ahabi: Kuphila kuk aJehova, uNkulunkulu ka -Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka , kuphela ngesiyalezo sezwi lami.
Kule nto uJeho va makayithethelele inceku yakho : ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni uk ukhuleka khona, isencika esandleni sami , ngiguqe nami endlini kaRimoni , lapho ngiguqa endlini kaRimoni , uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.
Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kule ndawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.
Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.
Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi : Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Uma abantu bakho u -Israyeli benqotshwa yisitha , ngokuba bonile kuwe , kepha bese bebuya bephindela kuwe , balivume igama lakho , bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukun xusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,
Ngalokho, Nkulunkulu wami , amehlo akho mawavulekele , nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.
Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye ; wenze ngobuwula kule nto , ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.
Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.
Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida
ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo ; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.
Inkosi yema endaweni yayo , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhl iziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.
Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.
Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.
UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonk e idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.
Uyakuchitha kule ntaba ingaphandl e lesimbozo esimboza abantu bonke , nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.
uma ningacindezeli umfokazi , nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo , futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,
bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami , nithi: Sophuliwe -- nize nenze zonke lezi zinengiso, na?
ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo , nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.
Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu , ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu , naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle , naphezu kwezithelo zomhlaba , kuvuthe kungacimi.
Ngase ngithi: E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela , kepha ngiya kuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.
Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.
Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema , ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo , nangesandla sabafuna ukuphila kwabo , nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
Ngiyakwenze njalo kule ndawo , usho uJehova , nakwabakhileyo kuyo , ngenze lo muzi ube njengeThofeti:
Usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , ningoni, ningadluzuli abafokazi , nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.
Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise , waphuma kule ndawo, ukuthi: Akasayikubuyela lapha,
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda , engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.
Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.
Ziyakuyiswa eBabele , zibe khona , kuze kufike usuku lokuzihambela kwami, usho uJehova. Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.
Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,
ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele , usho uJehova, ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.
yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele , ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.
Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.
Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yam i, nangokufutheka kwami , nangolaka olukhulu , ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,
Usho kanje uJehova , uthi: Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile , ayinamuntu nazilwane , nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane , nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
Induna yabalindi yamthatha uJeremiya , yathi kuye: UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;
Lesi siyakuba yisibonakaliso kini , usho uJehova , U kuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.
OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula , bathi enkosini : Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.
Jehova, ngizwile umbiko ngawe , ngiyesaba izenzo zakho ; zivuselele phakathi kwale minyaka , wenze ukuba zaziwe kule minyaka , ukhumbule umusa nasolakeni.
Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJud a naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema , nginqume insali kaBali kule ndawo , negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala , usho uJehova Sebawoti, nginike ukuthula kule ndawo, usho uJehova Sebawoti.
yathi kuyo: Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babant u nezinkomo okuphakathi kwalo.
Ngakho-ke oweqa owodwa kule m iyalo emincinyane , afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu ; kepha oyigcinayo , ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
UJesu wayesephendula , ethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela , kodwa noma nithi kule ntaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka;
Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba : Nqukuleka, uphonseke elwandle, engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba ; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.
Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina , washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.
Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: Madoda, ngabe nalalela mina , kanamuka eKrethe , naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala.
Ngokuba bhekani , khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka , yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.
Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi , mphawuleni lowo , ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;