Skip to Content

"kulokho"

27 occurrences in ZUL

U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.

Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u- Esawu umfowabo isipho:

Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe , kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo . Baphuza, bathokoza naye.

Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kulokho okudluleleyo ebudeni bezilenge zetende azilenge emaceleni etabernakele ngalapha nangalapha ukulisibekela.

Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala , uzuliswe ukumenzela ukubuyisana , nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha , kube ngumnikelo wempuphu , nelogi lamafutha,

Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye , ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe. Izindlu ezinochoko

Akube yilowo nalowo ahlale kulokho kubizwa abizwe ekukho.

Amehlo akho ayandizela kulokho , kepha akusekho , ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.

Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize , ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.

Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho ; kungase kwande ukonakala , kulimaze amakhosi, na?

Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe ; kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

Ngalokho, ndodana yomuntu , khuluma kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.

Bahluleka ukuphendula kulokho.

wayesethi kubo: Madoda akwa-Israyeli, qaphelani kulokho enizakukwenza kulaba bantu.

bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,

Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.

Manje-ke kumi ukukholwa , nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu ; kepha okukhulu kulokho luthando.

Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi , ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.

Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathak a. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho.

ngokukhuleka konke nokunxusa , nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya ; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,

Kunani pho ? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke , noma ngokuzenzisa noma ngesiminya ; kulokho-ke ngiyathokoza , yebo, ngiyakuthokoza,

Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu , njengalokho nihamba kanjalo , manivame kakhulu kulokho.

nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwan e abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,

abathe abanye bephaphalazile kulokho , baphambukela ekukhulumeni okuyize,

Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho , wazi ukuthi ukufunde kobani,

Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula , ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli. Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla

kodwa kube ngobumnene nang okwesaba, nibe nonembeza omuhle , ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.