Uyise nonina base bethi kuye : Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile , na? USamsoni wathi kuyise : Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.
USamsoni wathi kubo : Okwalesi sikhathi anginacala kumaFilisti , uma ngiwenzela okubi.
USamsoni wakhala kuJehova , wathi: Nkosi Nkulunkulu , ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela , Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.
UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti , nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.
ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti , nginqume amaKhereti , ngichithe insali yasogwini lolwandle.