Skip to Content

"kumalunga"

16 occurrences in ZUL

Wathi kumalunga: Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.

UJehova wehla ngefu , wakhuluma kuye , wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa ; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.

UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

uyise nonina bayakuyibamba , bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,

bathi kumalunga omuzi: Le ndodana yethu inenkani , ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.

uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi , baziyise kumalunga omuzi esangweni,

uyise wentombi athi kumalunga : Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;

Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo , umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni , athi: U mfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.

UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi : Aningizondanga yini , nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?

Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi : Uma ningibuyi sa ukulwa nabantwana bakwa -Amoni, uJehova abanikele phambi kwami , ngiyakuba yinhloko yenu.

UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke : Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka -Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.

UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:

Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?

Wayeseloba izincwadi egameni lika -Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwab akhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.

U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya . UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:

Ubuso bukaJehova buyabahlakaza , akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga.