Wayesethi uJowabe kumKushe : Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo . UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.
Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.