Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi , kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi.
Ukukhanya kumnandi, yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu , yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.
Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.