Skip to Content

"kumuntu"

62 occurrences in ZUL

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.

Wayesethi uJehova: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu , njengokuba eyinyama nje ; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.

athi kubo : Asinakwenza lokhu , ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.

Kwathi ngaleso sikhathi uJuda was uka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.

Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili , amayomere amabili kumuntu munye ; zonke izinduna zomhlangano zafika , zamtshela uMose.

umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga , akhumule isicathulo onyaweni lwakhe , amkhafulele ebusweni bakhe , aphendule athi : Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.

Sathi sikuzwa lokho , izinhliziyo zethu zaphela amandla , akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.

Yebo, bengakashisi amanoni , yafika inceku yompristi , yathi kumuntu ohlabayo: Letha inyama yokoselwa umpristi , ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.

Uma umuntu ona kumuntu , uNkulunkulu uyakumahlulela , kepha uma umuntu ona kuJehova , uyakulanyulelwa ngubani na ? Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.

UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye , wathi: Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti , asuse ihlazo kwa -Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?

Abantu bamphendula ngalona lelo zwi ; bathi-ke: Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.

UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo : Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona , awele phansi , na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.

Kothembekileyo uyazibonakalis a ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

ongikhiphile ezitheni zami , wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo , wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso , injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni , wabamba izinyawo zakhe . UGehazi wasondela ukuba amxoshe , kepha umuntu kaNkulunkulu wathi : Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe ; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.

Wayesethi u -Elisha kubo : Le akusiyo indlela , nalona akusiwo umuzi ; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo. Wabayisa eSamariya.

Nokho kukhona umoya kumuntu ; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe , anqume ukuzidla kumuntu;

khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye , abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.

Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu

Ngokuba uthi: Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.

Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe , atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.

Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile ; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

ongikhululile ezitheni zami , yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.

Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakh e awushikashikayo phansi kwelanga na?

Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi , ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu.

Ngilondoloze ezandleni zomubi , ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu, oceba ukukhuba izinyawo zami.

Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula ; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.

Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu , kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana , kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

Isinkwa samanga simnandi kumuntu , kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami en gangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami.

Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikez a kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe . Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle , aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe , kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.

Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.

Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe.

Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali , uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.

nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

Bonke abongameli bombuso , nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi , kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emph andwini wezingonyama.

Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi , athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunk ulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu , kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na ? Inkosi yaphendula yathi : Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.

Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?

UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti.

UJesu ekuzwa lokho wamangala , wathi kwabamlandelayo : Ngiqinisile ngithi kini : Angizange ngifumane kwa -Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.

Nxa umoya ongcolileyo esephumi le kumuntu , uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani.

Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso ! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!

Wathi: Hambani niye emzini kumuntu othile , nithi kuye: U thi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze ; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.

wathi kuye : Bheka, ungasho lutho kumuntu , kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose , kube ngubufakazi kubo.

Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: Sukuma, ume phakathi.

Wayesethi kubo: Kanti nani ningaban gaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?

Wayesethi: Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu;

Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthu thumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini

Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula ; engakufumani uthi : Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.

Kepha mina angibam ukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.

nxa sibuzwa namuh la ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani,

Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu , asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.

Maqondana nalok ho enaloba ngakho , kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.

nalapho ngikhona kini ngiswele , angibanga mthwalo kumuntu , ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami ; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.

Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.

ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;