Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti ; bahle kunale mibuso yini , umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?
Owesibili yilo : Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyak uyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.