Skip to Content

"kunesikhumba"

10 occurrences in ZUL

umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama ; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe , kuyisifo sochoko ; umpristi uyakumbheka , asho athi ungcolile.

Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe , lingabonakali lishonile kunesikhumba , noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,

umpristi abheke ; uma libonakala lishonile kunesikhumba , uboya balo buphendukile baba mhlophe , bheka, makasho athi ungcolile : kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

Kepha uma umpristi elibheka , kungekho boya obumhlophe kulo , lingashonile kunesikhumba , kodwa lifiphele , bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe , libonakala lishonile kunesikhumba , bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini ; khona umpristi uyakusho athi ungcolile ; kuyisifo sochoko.

Kepha uma umpristi elibheka , kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba , kodwa lifiphele , bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,

umpristi uyakubheka ibala ; uma libonakala lishonile kunesikhumba , kube kulo izinwel e ezincane ezimpofu , bheka, umpristi makasho athi ungcolile : kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.

Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo , bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,

ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo ; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo , umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,

ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna ; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba , bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.