UJehova akanamathelanga kini , kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,
Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe , nezimiso zami kunamazwe alihaqayo , ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami , abahambanga ngazo.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo , ningahambi ngezimiso zami , ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,