"kungenxa"
15 occurrences in ZUL
Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.
Ngathi enhliziyweni yami : Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo ; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.
Ungakhulumi enhliziyweni yakho , uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho , ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe , ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.
Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.
Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi bal o ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.
Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe : Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu . Base benza inkatho ; inkatho yamudla uJona.
Base bethi kuye : Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini ? Uvelaphi? Liphi izwe lakini , ungowasiphi isizwe na?
Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?
Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
Wayesethi: Kungenxa yalokho ngithe kini : Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba. Isivumo sikaPetru
UJesu esekuzwile lokho wathi : Lokhu kugula akusikho okokufa , kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.