Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.
Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe , nombuso uvukele umbuso ; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo , kube khona indlala ; lokhu kungukuqala kwemihelo.