Wathi kubantu : Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha ; ukusuka ebubini kungukuqonda.
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova , nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe , kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.