Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe ; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane , namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha , namabhangqa ayinkulungwane ezinka bi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo ; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)
Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu , khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.