Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.
Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwa kho; ukububula kwami akufihlekile kuwe.
Usuku lonke u kudunyazwa kwami kuphambi kwami , namahloni amboza ubuso bami
Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova ; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo , kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.