"kusamuweli"
19 occurrences in ZUL
U-Eli wathi kuSamuweli : Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza , usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa . Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.
UJehova wathi kuSamuweli : Bheka, ngiyakwenza into kwa -Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.
UJehova waphinda wabonakala eShilo , ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.
Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli : Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.
UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.
UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labo , ubanike inkosi. USamuweli wathi kubantu bakwa -Israyeli: Hambani niye , kube yilowo nalowo emzini wakini.
Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli , uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye ; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku.
Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: Nike naya ngaphi na? Wathi: Besiye kufuna izimbongolo ; lapho sesibonile ukuthi azikho , sase siya kuSamuweli.
Bonke abantu bathi kuSamuweli : Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.
USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni ; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.
USawule wathi kuSamuweli: Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona , ngimlethile u -Agagi inkosi yama -Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.
USawule wayesethi kuSamuweli : Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.
UJehova wathi kuSamuweli : Uyakumkhalela kuze kube nini na ? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka -Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha , uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
Kepha uJehova wathi kuSamuweli : Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabuki si okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.