"kusolomoni"
20 occurrences in ZUL
Kwabikwa kuSolomoni ukuthi : Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze -altare, ethi: Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.
Wayesethi: Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike u-Abishagi waseShunemi abe ngumkami.
EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.
UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni , ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshi we abe yinkosi esikhundleni sikayise , ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.
UHiramu wayesethumela kuSolomoni , wathi: Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayipuresi.
Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu , namakamela ethwele amakha , negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.
Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide
Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni : Njengokuba wenzile lokho wena , ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.
UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe : Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.
Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.
Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,
UHiramu inkosi yaseTire waphendula ngokuloba, wakuthuma kuSolomoni, wathi: Ngokuba uJehova uyathanda abantu bakhe , ukubeke inkosi phezu kwabo.
Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo , bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzel e oDavide noSolomoni no -Israyeli abantu bakhe. UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni
UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.
Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.