"kuthe"
77 occurrences in ZUL
Wayesethi kuye : Buyisela isandla sakho esifubeni sakho . Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe ; kuthe esikhipha esifubeni sakhe , bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.
Kuthe uFinehasi umpristi , nezikhulu zenhlangano , izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amaz wi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi , nangabantwana bakwaManase , kwaba kuhle emehlweni abo.
ngokuba kuthe ngisiwe ngathi , mina nesizwe sakithi , ukuba sichithwe , sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile , ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.
Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendlelen i; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula , zamemeza zathi : Nkosi, Ndodana kaDavide , sihawukele!
Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na ? Futhi ngubani okunike leli gunya na?
Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;
Kuthe uJesu ephuma ethempelini , emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli.
Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!
Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu.
Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami , umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.
Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho , waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.
Kwathi ekomunye wemizi , bheka, nanso indoda egcwele uchoko . Kuthe embona uJesu , wawa ngobuso , wamnxusa wathi : Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula.
Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.
Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Kuthe besahamba ngomkhumbi , walala ubuthongo ; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
Kuthe iseza , idemoni layiwisa phansi , layihlukumeza kakhulu ; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.
Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho , bathi: Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?
Kuthe sekusile kuyo , yathi: Bangaki abaqashwa bakab aba abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.
kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.
Kuthe ukuba bakuzwe lokho , weleka walandisa umfanekiso , ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.
Kuthe esevukile kwabafileyo , abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.
Kuthe-ke ukuba afike eGalile , abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini. Ukuphiliswa kwendodana yenduna yaseKapernawume
Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?
Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku. Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru
Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.
Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni , athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine , kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo , neyembe futhi . Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.
Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona , wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho.
Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe , kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.
Kuthe sebefakazile , belikhulumile izwi leNkosi , babuyela eJerusalema , bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya
Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nok uphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.
Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe , wasincenga wathi: Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona, wasicindezela. UPawulu uyaboshwa
Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;
Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo n daba ngizakuyihlola kanjani , ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.
Kuthe iningizimu isaphephetha kahle , bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange, bagudla iKrethe.
sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza , bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti , behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo.
ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu , kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo ; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.
Lapho ngisengumntwana , ngakhulumisa okomntwana , ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okom ntwana; kuthe sengiyindoda , ngayeka okobuntwana.
Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe , wayedla nabezizwe ; kepha kuthe ukuba kufike bona , wamonyuka, wazahlukanisa nabo , esaba abokusoka.
Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli , ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke : Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda , ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?
Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi , ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi , anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu , njengokuba liyilo isibili , elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.
Ngokuba kuthe sisekhona kini , sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwaba njalo, nani nikwazi.
Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide,
Kuthe seliyithabathile incwadi , izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu , kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! Ngase ngibona , bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.
Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni , wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.