Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.
Usho kanje uJehova , uthi: Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile , ayinamuntu nazilwane , nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane , nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.