"kuyakuvela"
21 occurrences in ZUL
Ngiyambona, kepha kungemanje ; ngiyambheka, kodwa kun geseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.
Ngiyakusenza sibe yincithakalo ; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva ; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.
Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?
Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu ; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa , nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
Noma iBabele likhuphukela ezulwini , yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele, usho uJehova.
Futhi kuzona uyakuthatha, uziphonse phakathi koml ilo, uzishise ngomlilo; kuyakuvela lapho umlilo, ungene endlini yonke yakwa-Israyeli.
Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi , kuvele enye emva kwawo ; iyakwahluka kwawokuqala , ithobise amakhosi amathathu.
Kepha olwaphuk ileyo, esikhundleni salo okwavela ezine , kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.
Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omun ye esikhundleni sayo oyakuya empini , angene enqabeni yenkosi yasenyakatho , amelane nabo, ahlule.
Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.
Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho , zichithwe zonke izinqaba zakho , njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.
Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.
Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbus i oyakwalusa isizwe sami u - Israyeli.
Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga , baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso , ukuze kudukiswe nabakhethiweyo , uma kungenzeka.