"kuyize"
33 occurrences in ZUL
kepha gwema imibuzo yobuwula , nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.
Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane , into inye ikwehlela kokubili : njengalokhu kufa lokho , kuyafa nalokhu ; kunomphefumulo munye , umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.
Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngek hono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe . Nalokho kuyize nokufuna umoya.
Kukhona oyedwa , kanaye owesibili , yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na? Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
kwakungekho ukuphela kwabantu bonke , bonke ayephambi kwabo ; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye . Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.
Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.
Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi , nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: Nalokho kuyize.
Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi , makathokoze ngayo yonk e, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyam a ukuthi njengokuba ziziningi , konke okufikayo kuyize. Iziluleko kwabasha
Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile , nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona. Nokufuna ukuhlakanipha kuyize
Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni , nephuze ukuphumula , nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.
Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphe le kuwo phansi kwelanga . Nalokho kuyize.
Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikez a kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe . Nalokho kuyize nobubi obukhulu.
Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu , nomsebenzi wakhe ulusizi ; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.
Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha , nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe , siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo , nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo , uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi ; lokho kuyize , kuyisifo esibi.
Wakhathala ngobude bendlela , kepha awushongo ukuthi : Kuyize. Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo , nomphimbo wakho ukuba ungomi ; kepha wathi : Kuyize; cha, ngithandile abafok azi, ngiyakubalandela.
Kepha bathi : Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu , senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.
Nithi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu ; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?