Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo , noma igenkle noma ihabhu , uma zingakhali ngokwahlukeneyo , kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na?
Kanjalo nani , uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi , kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.