Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.
AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba , nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.