Akukho ukuthula kwababi, usho uNkulunkulu wami.
Kunjengesaga sasendulo esithi : Kwababi kuvela okubi ; ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.
Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo , kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
Ngokwanda kwababi kuya nda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
kodwa akuyikuba kuhle kwababi , nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.
ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?
Nithi: Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?
Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi, kepha akaphenduli.
Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi ; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.
Unisa izihibe phezu kwababi ; umlilo nesibabule nomoya oshisay o kuyisabelo sendebe yabo.
Makuphele ukonakala kwababi , kepha olungileyo mawumqinise . Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.
Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yam i abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.
UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.
Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.
Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi,
Ngubani oyakungimela phambi kwababi na ? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,
Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
Akukho ukuthula kwababi, usho uJehova.
ukuba nibe ngabant wana bakaYihlo osezulwini ; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle , anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.