Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?
Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi , abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho , ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.