Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na ? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.
Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.
Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga.
Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena,
Njengalokho u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu , kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga.
kwagcwaliseka umbhalo othi : Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga , wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.