Skip to Content

"kwabuthana"

19 occurrences in ZUL

Kwabuthana bonke abakwaMidiyani , nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.

Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni , wabetha icilongo , kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.

UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama;

Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu , waba yinduna phezu kwabo ; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.

Kwabuthana kuye amayiyane , abantu ababi , aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni , uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.

Kwabuthana abantu abaningi , bavimba yonke imithombo , nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe , bathi: Kungangani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya, afumane amanzi amaningi, na?

U-Ezra esakhuleka , evuma izono ngokukhala , eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana , ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke , nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.

Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.

Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi , kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.

Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.

Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu ; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.

Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,

Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema , beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke. Ukuboshwa nokukhululwa kwabaphostoli

Ngesabatha elilandelay o kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu.