Skip to Content

"kwafunyanwa"

8 occurrences in ZUL

KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko , kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise . Ngomnyaka wamashumi amane wokubu sa kukaDavide kwafunwa , kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.

kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo ; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.

Kwafunyanwa e -Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi:

Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu ; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku -Ishmayeli, athi: Ungasibulali, ngokuba sinokolweni , nebhali, namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle. Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu ; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambek a induna yezanusi , neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo , nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe , nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.

UNkulunkulu uthumil e ingelosi yakhe , wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.