Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
Futhi ngabona ephusheni lami , bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.
Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo , kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.