UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe , zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe k uzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
Kwakulotshwe kuyo ukuthi: Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.