Kwabuye kwaba khona impi eGati , lapho kwakukhona umuntu omude ; iminwe yakhe nezinzwani z akhe kwakungamashumi amabili nane , isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.
kusukela kulezo , lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.