Skip to Content

"kwakungekho"

56 occurrences in ZUL

Ukudla kwakungekho ezweni lonke , ngokuba indlala yayinzima kakhulu ; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.

Bathi kuMose : Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?

Ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lasuka ehlane laseSini , bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.

Kwakungekho manzi lapho kuy o inhlangano ; babahlanganyela oMose no - Aroni.

Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo , lapho kwakungekho khona indlela yoku jika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

Basuka e -Alushi, bamisa eRefidimi , lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.

wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo , lapho kwakungekho manzi khona ; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;

UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala , ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

Base bemuka labo bantu abayisihlanu , bafika eLayishi , babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendl ela yamaSidoni , benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu ; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi , bahlala kuwo.

Baphambukela lapho ukuba bangene , balale eGibeya ; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi ; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona.

Sebebalwa abantu ; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

Wayenendodana egama layo lalinguSawule , insizwa enhle ; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.

Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa -Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.

UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe , wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele , ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela , ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.

Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo -Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.

Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile , lo wesifazane wabeletha naye ; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini , kuyithina sobabili kuphela.

Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke . Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.

Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.

Yayisihamba inkosi yakwa -Israyeli, nenkosi yakwaJuda , nenkosi yakwa - Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa ; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.

Basuka kuh welela, baya ekamu lama -Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.

Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Sike safika ekamu lama -Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho , nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo , nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.

Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.

kwakungekho ukuphela kwabantu bonke , bonke ayephambi kwabo ; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye . Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

USolomoni way iphendula ezindabeni zayo zonke ; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona.

Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo , ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni.

Ngalokho uHezekiya makanganikhohlisi , anganiyengi ngale ndlela , ningakholwa nguye , ngokuba kwakungekho n kulunkulu nakusiphi isizwe noma kumuphi umbuso owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sawobaba ; kakhulu kangakanani anganophula esandleni sami uNkulunkulu wenu na?

Ngavuka ebusuku , mina nabantu abathile abayingcosana ; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.

Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi , kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso.

Mina nabafowethu , nezinceku zami , nabalindi abangilandelayo , kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe ; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.

Akonanga ngalokho uSol omoni inkosi yakwa -Israyeli na ? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye ; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe ; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

waya naphambi kwesango lenkosi , ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.

Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJob e nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.

Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo ; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.

Kwakungekho owalibiza igama lakho , owazivusela ukubambelela kuwe , ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.

Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho , ngibehlisele abakwesabayo , ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo , nasekukhulumeni kwami abezwanga , kepha benza okubi emehlwen i ami , bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.

Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile.

Zase zimthatha uJeremiya , zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo , bamehlisa uJeremiya ngezintambo . Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.

Imisedari ya sensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha , imisayipuresi yayingafani nezingatsha zawo , nemipelatani yayingenjengamagatsha awo , futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga , nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo , kwakungekho ongophula esandleni sayo , kepha yenza njengentando yayo , yazikhulisa.

Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.

Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono , kwakungekho owuqondayo.

Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo , nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha , ngokuba ngakhulula bonke abantu , kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.

Kwakungekho obengamphendula ngazwi ; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.

Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda. Imfundiso ngoMesiya

Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo ; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho , baletha imali yalokho abathengise ngakho,

Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,

Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo , kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

Kwakungekho namunye ezulwini , nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.