Ngase ngithi mina enhliziyweni yami : Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje. Kepha nalokho kwakuyize.
Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyen zile izandla zami , nomshikashika engangishikashikile ukuwenza ; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.
Ngase ngithi enhliziyweni yami : Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami ; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na ? Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.