Skip to Content

"kwalokhu"

10 occurrences in ZUL

Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise ab akungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.

Wayesethi uJowabe enkosini : UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho , kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?

UJowabe wathi: UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na ? Inkosi yami ifunelani le nto na ? Iyakuba yicala ngani ku - Israyeli na?

Manje siyakuthini , Nkulunkulu wethu , emva kwalokhu na ? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho

Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho ; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.

Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla , nokuthi lachoboza insimbi , nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisil e inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu ; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.

UJesu waphendula , wathi kuye : Lokhu engikwenzayo awukwazi manje , kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.

Ngisho lokhu kodwa , bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengaba ngenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo,

Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile , wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.

Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini , nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami , lithi: Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.