Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?
Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
Bheka, ungumkhoba, ungumsedari waseLebanoni; unamagatsha amahle , namaqabunga anomthunzi , nesiqu esiphakemeyo ; isihloko sawo siphakathi kwamafu.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu , nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,