Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi : Kusho uJehova , kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.
Anibonanga umbono oyize , anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: Kusho uJehova, mina ngingakhulumanga, na?
Kukubo nj engokubhula kwamanga emehlweni abo , njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.