Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki ; kepha kwandile , sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami ; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?
kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho,
Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo , badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.