Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.
Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze ; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.
Izitha ziphelile , zachitheka kuze kube phakade ; imizi wayisimbula , ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa , kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini . UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.